Goto News >
Search..

Goto News
Bhasobha yana ngale kweziko usuyindodanja uzokunya nyoko esho kuMfezemnyama

UMfezemnyama uyenzile ingoma yakhe kanye neBlaq Diamond ethi amaCressida wayiqeda kanti uyenza-nje lengoma akusiyona eyakhe kodwa uthathe ingoma yomunye umculi obizwa ngoCabango KaHlongwane Indlandlakazi, kodwa ngaphambi kokuba ayikhiphe lengoma uMfezi wamufonela uCabango kaHlongwana wamutshela ngale ngoma akayenze njengomufudumezo neBlaq Diamond nengewona uMaskandi kodwa eyiTrap Maskandi, kodwa lobhuti obizwa nge Indlandlakazi akangayingena leyonto leyo akakeyitshilwa uMfezi ngengoma yakhe akayifudumezile.


Yaqubeka iMfezi ngokukhuluma naye lobhuti mayelana ngayo lengoma imuncenga ukuthi naye abekhona engomeni kube khona into akayishoyo naye njengomunikazi wengoma efudumeziwe kodwa umfokaHlongwane akangakugqiza qakala lokho ngoba ekubona njengento engeke imisize ngalutho yena njengomuntu owahlala phansi wathatha ipeni nephepha walumbanisa onkamisa kwaphuma lento ehlangene eyenza ukuthi uMfezi afune ukuyifudumeza lengoma, ayigcinanga lapho iMfezemnyama kodwa iqubekile yamusendela lobhuti wakwaHlongwane lengoma ngoWathaphu wayilalela lobhuti waqedalapho wazithulela.

Uthi uMfokaHlongwane akayilalelanga maqeda wathula kodwa wamusendela iEmail uMfezemnyama emutshelayo ukuthi engayikhiphi lengoma ngoba akusiyona eyakwaKhumalo kodwa ingeyakwaHlongwane. Njengamanje kubukeka sengathi iMfezi ayizange iyifunde leyoEmail ngoba ingoma isiphumile futhi imunandi bayayithakasela abantu yize uMfokaHlongwane engeneme futhi ngokusho kwakhe uselivulile icala,"Wangifonela wathi kimi angikhuphuke ngize eGoli ukuze kuzobakhona into engiyishoyo nami kulengoma ngathi mina lalela ndoda, okokuqala kufanele kube khona amaphepha esiwasayinayo mina nawe, futhi ikhontenti yamileya wena uyisebenzisa ngaphandle kwami", amazwi kaMfokaHlongwane.


"Manje musa ukufika emsebenzini wami uzongithatha sengathi kukhona engikufuna kuwe mina, anginxusi lutho kuwe mina, iphele inkulumo yethu lapho kodwa aphinde afone lombhemu ankwankwaze-nje athi lengoma yethu bese ngixakeka mina ukuthi eyethu kanjani ngoba angiculi mina kuleyonto leyo, ngathi mina akangithumelele iEmaile noma ulibonyazi lwakhe kukhona into okufanele ngimuthumelele yona ngoba ngilibona ukuthi lelinina ligawule usengwa lagawula usengwa seliyabuya manje lizongifuthisa inyongo, iBlaq Diamond angiyazi futhi ayikho into engihlanganisa nayo kodwa lo angizi noma uKhumalo noma uManyoni kodwa ukhombise ukungidelela nokungeya nokungibukela phansi".

"MfokaKhumalo uma ubona ukuthi ukucula sekukwehlule hamba uyofuna umsebenzi noma ungaya kwaGwaziphepha ngoba vele ayisekho lento osilalelisa yona ngoba futhi lokhu osukwenza mina angikuthandi futhi kuyanginyanyisa yabona futhi-nje akukho mina engingakukhoncosa kuwe ngoba nasekuqaleni ngangikubona nje ukuthi ujwayele lamagenge ajwayele ukukhoncosa, mina anginendaba nawe angikwazi awungazi futhi asikaze sibonane nawe, uwe futhi owagijima wayocela inamba yami kuBig Zulu futhinje akukho okuyogcina kungihlanganisa nawe, futhi ngiyabona ukuthi lento akayenzayo yokuthi uma ngimusendela iaudio yena agijime ayifake emaguluphini oWathaphu oMaskandi usaquba khona ukuba yinina, usaquba yona ingqondo yokuchama ehleli, lento yinina-nje, akusondoda akumuntu wesilisa awukwazi ukuthi ungathi kuyini, ayi mfana kuncono bakuthume esitolo obhuti ngoba udlalela ezitsheni ezifayo manje angisuyena-nje umnganwakho mina, hamba ngale kweziko, usuyindodanja, uzokunya nyoko haaaa eyi ngizwa kushisa amakhwapha mani haaa", kukhala uHlongwane eshiselwa igazi kuthi akadle umuntu...