Goto News >
Search..

Goto News
Dr Khehlelezi uphe uMgiliji inqovunqovu yemoto

Ashuuuuuu uyindoda Profesa Khehlelezi, "Ndumandumane eyadum'ezizweni shlahla somdlebe nondela mzimba mbedembede mfaz'onempandla, Nina base tete nabasentimbana mkhont'ugwaz'igazi dictionary ndaba zididumndeni, ngithi ngalwanya izinja ngingaphethe nduku ngyaba ngyafulela kyanetha", syakhuleka Mkhulu Umanikiniki. Uma ungamazi uProfesa Khehlelezi nguyeke lo.


Lensizwa imemezele ukuthi izoyophuza itiye nobaba uMgiliji kodwa ayichazanga okuningi mayelana nokuthi izoqala ekhaya elikhulu kwaKhethomthandayo ukuyobhonga emswanini ngezinkabi ezimbili ngaphambi kokuba idlulele phambili kubaba ongumdidiyeli wamabutho kulolonke elikaZulu namaphethelo alo. Akazange achaze futhi ukuthi uzofika nengqovungqovu yeveni elizoba isipho kubaba uMgiliji. 

Amagalelo alendoda enguKhehlelezi ayamangaza esizweni sonke sikaMthaniya ngoba lendoda indoda engahlali phansi ehlale yehla yenyuka isiza umphaka ngokwempilo enyameni nangokomphefumulo. Emlandweni uwonke jikelele asikaze sibe naye umelaphi wendabuko osiza abantu engabheke nzuzo njenga lona ngoba phela sonke siyazi ukuthi kulezi khathi zamanje yonkinto iyimali abasekho abantu abahamba befayela nje emphakathini bengabheke nzuzo, uyindoda uKhehlelezi.....