Kuzoqhuma omude uvoice mail kuScebi odume kakhulu ngeleNkosi yamagcokama endimeni yomculo. Le nsizwa yaseMsinga ugiye maqede yaqhunquza izintuli yazibhekisa kuDumakahle kule album yayo yokugcina.
Ziyenzeka ezinkundleni zokuxhumana ngoba kunensizwa engumlandeli egama layo lingu Mhlengi Magcaba. Le nsizwa ikhulume amagama aziswana la akabhale khona egroupin yabathandi bakaMaskandi wathi uDumakahle uthe akayizwa le ncukuthwane eculwa uMgodi.
Esho ingoma eculwa uKhuzani esidume umhlaba wonke ethi ijele. Akagcinanga lapho lo mlandeli kodwa uqhubeke wathi bathukuthele baganwa unwabu abalandeli bakaKhuzani uma bezwa ukuthi uDumakahle usekhulume kanjalo.
Kuyaye kwafika kuDumakahle ukuthi kunamagama afana nalawa asebhalwe ezinkundleni zokuxhumana okuthiwa ashiwo uyena kuKhuzani. Akumphathanga neze kahle lokho njengoba engumuntu ongezwani nje nodlame kodwa ugcine elikhipha elokuthi lo mlandeli uyamdakelwa.
"Abanye abalandeli bayadakelwana kodwa lo mlisa obhale lamanga ngami angazi ngempela ukuthi ungisuka ngani." Kusho uThisha wothisha odume kakhulu ngelikaMaphathefika.
"Nizama ngakho konke okusemandleni ukuthi kubekhona umculi engixabene naye. Inkinga yenu ukuthi niyabona ukuthi abalandeli bakaKhuzani nabakaMthandeni bayangithanda bonke senifuna ukufaka unyawo lwedada lapho nina." Kuqhuba lo mculi.
"Mina angizwani nokuxabana nabanye abaculi nenhlamba futhi angizwani nayo. Yingakho nalomfana waseMsinga ngimziba nje yingoba angifune zimpi la emculweni. Yekani ukuzama ukungifaka ezimpini zikaKhuzani noMthandeni ngoba ngeke ngizingene."