Goto News >
Search..

Goto News
Idlale okokuqala Inkosi yoTamatisi koweNkosiyamagcokama

Yaziwa kakhulu kwiGospel noma emuculweni wokholo lensizwa ngamagalelo ayo amahle kakhulu njengoba usanda kuziwinela iwadi ye-Best Gospel Song of the year, okusho ukuthi ingoma evelele noma ingoma ebengaphezulu kwazozonke izingoma izingoma zokholo ngonyaka ikhishwe ngawo kanti futhi iphinde ibe nogazi okukanye iphinde yazikhandela ugazi emculweni wokholo ngokuthi ayiyona indoda ethanda ukuzivalela endleni iyaphuma ivakashele amanye amabandla kanye nezinkozo zase matendeni.


Inkosi yoTamatisike ngenkathi ibuzwa ukuthi ihlangana kanjani nomculo wesinto njengoba yona ingumculi wokholo ovelele iphendule yathi, "Ngingowase makhaya, ngikhulele emakhaya, ngikhuliswe ngosiko nangomthandazo, obhiti bami engikhulele phambi kwabo bangama Bhinca bashaya ingoma nami ngiyayazi ingoma njengabo ngoba ngikhuliswe yibona noma ngikhulele kuyona ingoma".

Lensizwake engu Jumbo idlale okukuqala emcimbini kaScebi odume ngeNkosiyamagcokama obuKwaMashu eLondon 75 nalapho egile khona izimanga idlala ingoma yayo engakaphumi esabonakala kuma social media kuphela nokuyiyona ngoma akaziveze ngayo emphakathini wamaBhinca ukuthi naye uyinsizwa umfokaNyangile. Uthe uma eqeda ukudlala eyakhe ingoma wadlala ulive wezi ngoma zabaculi abadumi endimeni kaMaskandi lapho adlale khona ingoma kaNtencane, Khuzani, Mthendeni kanye nezabanye. Kusobala ukuthi likhona ikhono okwakhe-nje ukuthi athole indlela elungile yokuliveza ngoba uma eke waliveza kabi noma ngendlela engekho yinhle angeke libonakale.