Le nsizwa esencane kodwa efike nenkulu ingoma, ibene interview kwiZululand FM lapho izwakalise ukungeneliseki kwayo ngabaculi abadala abafuna ukukotela ngayo. "Kunento eyenzekayo, uyabona uma ungumculi osafika, akuvamisile ukuthi kubekhona abaculi abadala obathola sebekotela kuwena". Kuchaza Igalofu.
"Kuvame ukuthi kube abaculi abancane abakotelayo, kodwa manje angazi noma mina ngiyisibonelo esihle yini kubaculi abadala. Lokhu ngikusho ngoba kuyangixaka ukuthi ngingathi ngizifikela nje emculweni kodwa usubezwa bendizisa phezulu igama lakho manje bethi 'OOOBUYYEEEYEEEEE!'" Kuqhuba Igalofu.
Litalabhe bukhoma Abafana bakaMgqumeni neGeza lakwaMgube okubikwa ukuthi alibulali ubuthongo lincenga le nsizwa ukuthi ivume ukuzokwenza umusic video nalo. Likuvezile nasezinkundleni zokuxhumana Igalofu elisha ukuthi alizimisele ngokwenza leyo video ngoba lihlonipha Igcokama elisha njengomuntu elibukela okuningi kuyena. Nestayela sokugqoka sifana nesalo Igcokama.
"Uma uguga ngicelaukuthi uguge kahle, musa ukufaka igama lami ekugugeni kwakho." Kuqhuba Igalofu kwi-interview. "Iyaxaka lento yokuthi umuntu athi uma eseguga bese ezoguga ngawe usemncane nasendimeni."
"Kodwa ke angimsoli ngoba uma usumdala kubuye kuvuke noshukela. Ngiyawusola nawo ushukela ngoba uyafana nedimoni. Iwona manje lona osufuna ukulawula ikhehla ukuba lingagcina lingithatha lingifake ezimpini zalo. Angiyithandi ngempela leyonto futhi ayifunakali ayiyinhle neze." Kuphetha Igalofu.