Goto News >
Search..

Goto News
IGcokamelisha alinamazinyo kanti Unjoko umfazi uKhuzani uyathepha

UWelile Mchunu ongudade wabo kaNgizwe Mchunu kodwa hhayi esiswini esisodwa ngoba bahlukene ngobaba nango mama hhize bona bobabili befuzene abangashiyana ngokuthanda udumo kanye nokunakwa. UWelile ozalwa ngubaba kaNgizwe omdala owaziwa ngokuba ngumlandeli omkhulu kaKhuzane uzikhiphe zonke izindaba zabaculi ajwayeleni nabo njengoba ejwayelene nabaculi abakhulu kakhulu endimeni kaMaskandi okubalwa kubo uMthandeni Gcokamelisha Manqele, Njoko, Mjaheni wengoma yodumo akayetalabha kuyona abantu abadume kakhulu abasatshwayo futhi nabahlonishwa kakhulu emhlabeni wonke jikelele okungu Profesa Khehlelezi kanye noTata uNdive. Wathi uma ezitalabha lezinsizwa wathi kuTata uNdive okungu Ngizwe Mchunu ungumkhovu wenyanga yodumo kanti inyanga yodumo wasebenzisa amagama amakhulu kakhulu ukuyitalabha kanti uma ufuna ukuzizwela ngena lapha https://www.youtube.com/watch?v=lpZ1JhAmVmA

Ebuzwa ngabaculi akangababiza uma ethola ithenda yokuhlela umcimbi kaMaskandi uye wabala abahlanu wama, wabe esequbeka esethi angeke amubize lomfazi onguNjoko. Ebuzakala ukuthi yini emubize ngomfazi uphendule wathe uma umuphakela ukudla, amakinati kanye notshwala obudulayo iHayinesi uzikhipha zonke izindaba. Ebuzwa ukuthi Igcokamelisha alinawo ngempela yini amazinyo njengokusho kukaKhuzane engomeni yakhe, (ubuzwa lomubuzo ngoba walaxaza uKhuzani wahamba nalo Igcokamelisha kanti futhi ubesenokuvela kumasoshiyali media ehleli nalo Igcokama). Uphendule wathi iqiniso alinawo lifake amapokloza amazinyo.

Kuzokhumbulekake ukuthi lentokazi yaseMaChunwini ibisiyaziwa njengomlandeli kaMthandeni kusukela ngonyaka ka 2019 kuze kube yilona ka 2022 okuthe uma ibuzwa ukuthi isenguyena yini umalandeli kaMthandeni yaphendula yathi cha ayisewuye isibuyele ekhaya Enkandla Emandaba Emathole ampunga kwiNdlamlenze kanti ubuyele kuwo lonyaka ka 2022. Ibuzakala ukuthi yayiyokwenzani Emdletsheni iphendule kwacaca ukuthi yayiyoxokiza kodwa yona ikubeke ngendlela ehloniphekile yathi yayiyovuna amakinati kanti nangesikhathi isemuDletsheni yayikhuluma noma yayishendeza kowathaphu noKhuzani.

Umbuzo wokugcina uthe yiqiniso yini ukuthi uKhuzani uyathephana uma ukhuluma naye efonini, yaphendula yathi yebo yiqiniso ngoba unenqwaba yama USB egcwele imithepho yezindaba akazixoxa nabangani bakhe, "kuyimanje oMcineka noTshatha kanye noNjoko badansela isiginci sakhe noma sebengasathandi ngenxa yokuthi basaba ukuthi uzodedela izindaba ezinkulu abazikhuluma naye emafonini", kuphetha umlandeli omukhulu kaKhuzani ukungu Welile Mchunu...