Mthandeni,"kuhlelekile kusendlini yejongo angeke ngiqoqane zeziginci mina ngizifuhlele phezu koSofa futhi angiyenak nomuntu okhonze ukushutha nokukhuluma kakhulu, kodwa ksasa ngizonikhombisa lapho kuhlalakhona ezami iziginci, zinekamelo lazo lapho engizishayela khona ngiphume sengiwumulilo, hawu saze savelelwa webantu noSofa baseBoxer".
Khuzani,"Ngiyabonga Jehova Mdali wangipha amandla wokuthenga oSofa abaningi neziGinci eziningi, ngichazwa ubukhulu bendlu ngisuka koSofa ngo 11ho0 ngifike kwiTV ngo 11h05, ngiyabonga uthando lwenu sizwe sakithi kungabe akunjena".
Mthandeni,"Cha wona sengiwakhile lomuzi kababa ngemali yami yomculo, isithabathaba somuzi lesi futhi muhle, sengishoda ngabo olawondi bakathayela nami ngipheshapheshe ngabo, ngiyacela bafwethu ningizame ngezinamba zomuntu owenza igceke libe nezintaba pulizi kuyaphuthuma, uma kukhona enimaziyo ozongidabulela noSofa kamunandi endlini yami kube manikiniki aphinde angishintshele namaShidi ombhede wami amuHlophe awenze abe Brown awa ayine ngeMbadada, angishintshele namaZinyo ami awenze abe nomubala ofana noweJezi leKaizer Chiefs, pulizi bafwethu ngizameni".
Khuzani,"Ngicela sizame okunye esingachoma ngakho ayi amakhaya obaba ngoba engathi iMbongolo isigibelekile already".
Mthandeni."Igcokama elinjani elingakaze lisigqoke isikhindi? Igcokama elinjani elidlala ibhola nodangara abade nopoloneka lifihlani? Nc! Nc! Nc! baningi omashansana la ngaphandle anowabheka amaQola".
Khuzane,"ngiphola kanjenake mina uma ngiseKhaya", esho ngesithombe sakhe egqoke isikhindi.
Khuzani,"Ukuze ugcine ukuhamba uziqathanisa nabantu abahlakaniphile ukunawe, kuqale wena wathi lomuntu oqathaniswa naye ungaphezulu kwakhe, umbuzo uthi ungaphezulu kanjani ube ungenaye ngisho uMalusi? Ukube uMatikuletsheni uyadayisa benizomuzwa esethi, lindelani ibhomu ngo 6 ntambama yeyi ibhadi kuMaskandi....".