Goto News >
Search..

Goto News
Inhlinini yomxhawulwano

Bekuhlangene izinsizwa ezimbili esezinesikhathi eside kakhulu ziklwebhana noma zikhombana ngeminwe emicimbini yomculo wesintu nasezingomeni. Lezinsizwa bazibiza ngoNjoko umfokaMbambo eNkandla Ematholampunga wodumo lwengoma ethi "Uyamaz'uThembelihle lentombi ethanda bonke abafana, ubomqaphela iTake away leyo", leyongomake yasusa omkhulu umsindo kubangwa umama wengane kaMdumazi obizwa ngoThembelihle ebangwa uMdumazi kanye noThuthani umfokaNdlovu ongunjiniyela osiza abaculi besintu uma bethepha umculo wabo. 

UMdumazike umfokaMhlongo Emtubatuba odume ngelikaZandlezincane emculweni wesintu, noma ingekho ingoma yakhe eyake yaduma kakhulu ngendlela yokuthi idlalwe yiwowonke umuntu njengoNjoko uma sizophinde sibale lengoma ethi, "Ngithanda kwaKhumalo ngithanda ubhuti wakhona, webakithi, webakithi, webakithi", kodwa unawo amanoni emculweni amnandi kakhulu alalelwa noma adlalwa kakhulu abantu abawaziyo umculo wesinto hhayi lawa adlalwa aze adlalwe ngisho nawumuntu ongazihluphi ngomculi wesintu njengoNjoko othi uma ekhipha ingoma akhiphe into ezothandwa izwe lonke.

Lezinsizwake bezihlanganisiwe kwesinye seziteshi zikaYoutube ngenhloso yokuthola ukuthi zibangani nangenhloso yokuthola isixazululo ekuxabaneni kwazo. UNjokoke ufike kuqala kulesi siteshi nokuthe uma kuqubeka isikhathi bebona sengathi uMdumazi angeke eseza bavele baluqala uhlelo abaphathi besiteshi nokuthe uma sebephakathi nalo kwavele kwatheka uMdumazi engasadle kobe zamuntu wafike wadelela wathi uNjoko umfazi nokuthe uma ephendula uNjoko emubiza ngoMadlebe wavele wasukuma uMdumazi kwandiza amatafulo esho ukumqeda  uNjoko ngenqindi kwalamula izigora ebezivele zibekelwe khona lokho. 

UNjoko usindele izigora nokuthe uma seluyophela uhlelo baphoqwa ukuba bexhawulani ukuze kuzobukeka sengathi ifezekile inhloso yohlelo ize bekusobala  ukuthi lempi ayiphileli kodwa zixhawulanile lensizwa ize kade zisacelana udedi zisho nokuthi ayiphelile zisazohlanga eskhaleni kwaNtombela...