Kuzokhumbulekake ukuthi uNgizwe Mncunu wavalelwa ejele elikhulu lase Ranburg eGoli ngemumva kokuba ezinikele yena ngenhloso yokuzwa ukuthi icala lakhe ilona kuyiliphi njengoba ekade engasabulali ubuthongo njena ngenxa yokuvika amaPhoyisa ubusuku nemini kanti futhi kuphende kwavela ukuthi lensizwa yaseMachunwini ibingacashile kakhulu ngoba ibihlale izihambela-nje emphakathini kodwa amaphoyisa engayiboni ngenxa yeKhubalo lenyanga enkulu yodumo uMkhulu uProfesa uKhehlelezi nokuwuyena ogcine esethatha isinqumo sokuthi uNgizwe azibophise ngoba impilo yomuthi kanye neyokucasha angeke akwazi ukuyiphila kuze kube phakade.
Njengoba kade kulindelekileke ukuthi uNgizwe avele okokuqala namhlanje enkantolo, uvelileke ukuyophakamisa isicelo sakhe seBheyili kanye nokuzwa amacala akhe onke asolelwa wona. Kuvele ukuthi iNkantolo imusolela ukuthi waholela ekutheni kushe izitolo kuphinde kulahleke izimpahla ebizingakadayiswa ezitolo zonke lezi ezalahlekelwa izimpahla nezashayo nokuyilokho okwenze ukuthi iNkantolo inqabe ukumudedela ngeBheyili. INkantolo iphethe ngokuthi kufanele avele futhi enkantolo okwesibili ngezi 28 July2021.