Amabhinca awakaze ashaye eceleni. Sekuphinde kwaba njalo futhi Mabhinca akwethu. Le nsizwa eyathatha isinqumo sokungena estudio yafike yashaya ingoma enkulu emncintiswaneni weMamemlodi Sundowns isaqhubeka nokuvotelwa.
Isibheke ekuwineni izindodla zemali ezilinganiselwa kwimillion. Kumanje bayatatazela abaziyo ukuthi uma ubhekene nesizwe samaBhinca usuke ubhekene nabantu abangathintwa. "Ngiyazicelela ngiyisinokwe senkosi bafwethu." Kusho Imfezi.
"Imina isi-Aram senkosi ngiwa ngamadolo phambi kwenu ngicela ningivotele ngane zakwethu. Uma ungavoti uzozibeka ethubeni lokuziwinela isamba semali esilinganiselwa kuR50 000. Okumnandi ukuthi uvota noma ikangaki and ukuvota kaningi kukubeka emathubeni amahle kakhulu okuwina lesi samba semali."
"Ziningana nezindlela zokuvota bafwethu. Kukuwe ukuthi wena uthanda ukuvota kanjani. SMS Sundowns 11 to 40737 lokhu ukwenza noma ikangaki.
Indlela yesibili yokwenza: Dial *120*703# bese ukhetha unumber 11 bese ukhetha iprovince ohlala kuyona. Ngokwenza njalo uzobe usunginikile ivoti lakho ngane yakwethu kanti nawe uzobe usuzibekile ethubeni lokuziwinela isamba semali."
"Ukuvota kuyagcina mhlaka 9 December ngane zakwethu ngicela siwaphushe lamavoti ukuze sizokhuphula igama lethu bagcine sebazi nje ukuthi akudlalelwa la kuvotelwa khona ibhinca."