Iguqile inkosi yephimbo uMajotha umfoka Zungu. Bathi nyama kayishi isha ngababhebhezeli. Le nsizwa eyaduma kakhulu ngengoma eyashisa izikhotha eyayithi thulungasho sengiyajola ishiye onke amaciko kaMaskandi ebambe ongezansi, ongenhla ewuyekele amaconsi ezinyembezi.
"Sibuhlungu kakhulu singamaciko kaMaskandi ngoba umfoka Zungu besimazi sonke njengomfowethu onephimbo elimtoti kakhulu. Ngikhumbula evunywa uThuthani umfoka Ndlovu ethi kusenguyena kuphela osakwaze ukumkhumbuza Ibhova ngokushesha ahlale enothini uma esestudio." Kubeka uDlubheke.
Umndeni wale nsizwa ucele ukuthi wetshise kancane ukudlula kukaMajotha ngokukhulu ukuzuma ngaphambi kokuthi ukuveze okube imbangela yokushona kwakhe. "Sicela sizwe sakithi ukuthi nisivumele njengomndeni sithi ukwetshisa lobu buhlungu esikubo njengamanje ngomfana obesemncane kakhulu kodwa obenza izimanga nasemndenini. Sizothi uma sesikulungele ukuveza okwenze wadlula emhlabeni bese sikuveza." Kubeka uZungu.