Goto News >
Search..

Goto News
isililo kumiswa uTshatha Okhozini

Elinye lamaphepha amakhulu ahlonishwayo naziwayo nadumile kuleli likuqinisekisile ukuthi isishoshovu somsakazi, osezakhele elihle igama eNingizimu Africa namaphethelo, ngisho phesheya kwezilwandle uTshatha Ngobe umisiwe emsebenzini. Lokhu kufakazelwa ukuthi sekunesikhashana egcinile ukuzwakala kulo msakazo, nangoMgqibelo mhlaka 16 January 2021 ngo-9 kuzobe kubhekiwe ukuthi uzobe ekhona yini ohlelweni luka Sgiyangengoma.


Besingakaziwa isizathu sokumiswa kwakhe kodwa kunezinsolo zokuthi le nsizwa imiselwe ukuthi yadalula amaqiniso ezinkundleni zokuxhumana ngengoma okwakufanele ihlukanise unyaka ngonyaka ka-2005, okuyingoma kaShwi noMntekhala ngengoma ethi Ngafa ngafelubala eyathandwa umhlaba wonke. UTshatha wabika ukuthi kwakumele unqanyulwe uShwi noMntekhala unyaka kodwa ngezizathu ezithile, wanqanyulwa iMalika.


READ: Uzokwenza umusic video neGalofu elisha uMgube


Leyo ndaba yatrenda kakhulu ezinkundleni zokuxhumana nokwagcina kusolisa ukuthi abaphathi balo msakazo bengagcina bethathela le nsizwa yakwaNongoma izinyathelo ezinqala. Nebala kwenzekile njengoba esemisiwe nje. Kunezinsolo zokuthi akamisiwe kodwa uthathe i-Leave njengakuqala.

Omunye wabasakazi abasebenza isikhathi eside kulo msakazo, nababanesandla esihle kakhulu ekuthenini umculo kaMaskandi ukhule ngale ndlela uNgizwe Mchunu, ugxeka Ukhozi ngobudedengu balo. "Kungalinge kudlalwe ngo-SABC. Ukhozi FM ilona kanye olunesandla esibi ekuphatheni abasakazi." Kubeka uNgizwe.


READ: isenzinyana impilo kuDulas Magubane


"Ngiyabazwela kakhulu oTshatha no-BK ngoba ngisebenzile Okhozini ngilwazi kahle." Kuqhuba uNgizwe. Ukushiya kukaTshatha sekuvele sekudale isililo esikhulu kubaculi nabathandi bomculo njengoba bekuqonda kahle kamhlophe nje ukuthi ukumiswa kukaTshatha, uma kungagcina kuholela ekuthenini axoshwe ngokusemthethweni kuzosho ukuthini mayelana noMaskandi.


READ: Akaxoshiwe usamisiwe uTshatha


Iphepha liqinisekise ukuthi umisiwe alishongo ukuthi uxoshiwe. Kusanezinto okusamele zicaciseke ngaphambi kokuthi Ukhozi luthathe isinqumo bese ludalula nesizathu sokumiswa kwakhe. Akatholakalanga ongakhulumela Ukhozi ngalolu daba kodwa uma esetholakele sizokwazisa mthandi wengoma.