Wayenza indaba uMaShandu intombi ezala Igcokama wakhipha izimfiho ngondodana maqede zamnetha kofacebook. Zimnethe kabi ngoba kuye kwananela nakwimbangi ecashe ngeqabunga lomncaka kanti iyavela insumpa maqede zayibona ezithanda Igcokama. Kunjani manje sibuya ngomkhwezeli. "Cha nokuthi ungumculi mina angikwazi. Ngisho esakhula mina akaze ngimbone uMthandeni egida. Thina siamzi koHouse." Kudelela uDlubheke
Ecaphuma amazwi abekwe uMaShandu efakaza ngendodana yakhe Igcokama elisha umfoka Manqele. Ihleke kakhulu le nsizwa kaShobeni ikhombisa ngokusobala ukuthi ukube iyisigwili ngabe iyalidedela manje imillion iyobonga intombi endala ngokudalula amaqiniso. Ube esewotha ubomvu kubathandi beGcokama abavele bakhwela badilika kumacomment, uzwa bonke besho kanje:
"Isingalichamisa i2k insumpa yakho ndoda. Kwakhona ukuthi ungumculi wena ke manje wawuzwe ngobani. Phela wena usakhiphe amahit amabili kuphela selokhu wafika emculweni. Ilena ethi siyehla nalena ethi angazi kunjani ematekisini. Kokusiza ndoda ukuthi unake izindaba zakho ukhohlwe Igcokama ngoba lingenhla kakhulu kunawe. Njalo je wena ubhala ngeGcokama kahle kahle ungumlandeli walo. Wenza sure ukuthi izinhlelo zeGcokama azikuphutheli ngoba ufuna ukuzobhala ngalo kofacebook." Kubeka abalandeli beGcokama bedinwe begane unwabu.