Laba baculi uKhuzani noThinah izolo bahlangane endaweni yokudlela kuFlorida eThekwini, iNext Chapter, lapho bebonakale bephuza itiye kuhle komhlangano kowayengumengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma nomholi we-EFF uMnuz Julius Malema. Laba bahlangana nje uThinah ubesanda kutalajwa uNgizwe ezinkundleni zokuxhumana ngokumhleba nozakwabo emculweni wokholo behlangane nenye yezinyanga zaseThekwini.
UKhuzani ubesefaka isicelo sokuthi ahlangane noThinah bake bahlale phansi baphuze ikomishi yetiye. Lokhu kuphenduke ihlaya ezinkundleni zokuxhumana njengoba abantu bese bebasabisa ngoNgizwe. Iningi labantu belizitshela ukuthi lona umdlalo nje ongaphelela ezinkundleni zokuxhumana ngeke bahlangane laba bobabili ngoba kungenzeka kungehli kahle kuNgizwe.
Kodwa izolo lishone sebeliphuzile itiye kulo mgwaqo ovamise ukugcwala omtakabani nomacaphuna kusale ngenxa yokubiza kwezindawo zokudla ezikuwo. Ebuzwa uThinah mayelana nokuhlangana kwabo akazange afune ukuphumela obala.
"Besihlangene ngokuhle nje akukho okutheni engingakusho ngoba besiyoziphuzela itiye. Abafowethu bonke laba noNgizwe uyazi siyazidlalela sonke kusuke kungaxatshanwa njengoba abantu sebecabanga," kusho uThinah.