Goto News >
Search..

Goto News
ithilenda ingakaphumi ekaJaiva Zimnike

ithilenda ingakaphumi ekaJaiva Zimnike. Ematekisini, ezinkantolo, ezikoleni, ngisho emasontweni imbala ufica abantu begqozela ingoma kamfoka Miss ofundisa engafundile, ugalaji lezifebe incephelezi kakhiye intombi engenasinqa kazi iyohlala ngani emzini.


Nakuba itrenda le ngoma kaJaiva kodwa ukhala ezimathonsi ngendlela ephume ngayo njengoba kulindeleke ukuthi album yakhe ifike kubantu mhlaka 27. "Kubi khona ngoba kubukeka sengathi ngeke ngithole ngisho indibilishi ngale ngoma kanti abantu bayithandile kakhulu." Kubeka uJaiva Zimnike.

"Okubalulekile ukuthi mhlaka 27 ngifuna ukuqopha umlando ongasobuye uqoshwe muntu futhi. Kulo nyaka Ama AK47 ngingathembisa ukuthi azobe ekwelinye izinga. Ufakazi walokho indlela okumnandi ngakhona le ngoma esigcwele umhlaba wonke, kumanje nongangithandi uyagqoza."