Goto News >
Search..

Goto News
ivunywe uZimdollar Inkosi Yamagcokama

Ithande ukudlanga kakhulu ingoma yeNkosi Yamagcokama yangonyaka odlule. Le nsizwa ikhombisa ukukhula unyaka nonyaka njengoba neGcokama elisha laphumela obala lathi kuwona onke amaciko akhipha ngonyaka odlule aliboni muntu owafika kwi-album yalo ngaphandle kukaScebi.


"Ngangithi ngizihambela ngedwa ngonyaka wezimanga unyaka ka-2020 kanti kukhona lokhu komfana nengoma enkulu elingana neyami nje straight, amageja nezinye. Ngike ngayilalela ngezwa ukuthi seluqinile ukhakhayi kulo mfana okusho ukuthi ikusasa lalo mculo wethu ngeke lisavimbeka sdalo." Kusho Igcokama elisha.

Akugcinanga ngeGcokama likaMaShandu ukuvuma le nsizwa kepha noZimdollar uqobo lwakhe uphumele obala washo le ngoma ethi Ukwenza Kuyashiyana ingumlilo uqobo lwawo. Ukhulume nabathandi bomculo ezinkundleni zokuxhumana washo wathi le ngoma ingezinye zezingoma ezabhalwa kucatshangiwe.