Goto News >
Search..

Goto News
iyashuba ekaNgizwe noThinah Zungu

Kudibene intelezi nechibi, qhude manikiniki idlozi noThixo kazi iyozala nkomoni. UNgizwe uphumile manje eMabhinceni ugiya athunquzele abeGospel ngomquba maqede abanikeze inkezo athi abaphuze umqombothi. Wathi uThinah Zungu kwagogo Ezola, ngakhula ngelusa mina mfana.


Zitalabhana bukhoma ezinkundleni zokuxhumana. Ungizwe ucele ukuyophuza itiye noThinah Zungu lo obephuza noKhuzani kwaba uyinyathele emsileni inyamazane. "Thinah mfoka Zungu ngikulungele ukuzophuza itiye kulo 4 room wakho ogibele phezu komunye kodwa awuqale ushanele leziz zibi ezifuna ukuphephukela kuwena kuqala ngaphambi kokuthi ngize."

Kubeka uNgizwe Mchunu. Uyiphendule ngokushesha leyo ncwajana umfoka Nyama kayishi isha ngababhebhezeli.


"Macingwane ngiyabonga ukuthi awunankinga nokuhubuluza nami inkomishi yetiye. Ngoba ngingumntwana kaThixo, izinto ngiziqala ngomthandazo ayi ngamathambo nempepho ngicela ungamukele ngiqale ngiyothandaza kuqala ngeSonto lona leli bese uyezake estezi sodumo. Ungowakwethu wena. Ngizoqala ngikukhulekele kuqala ngikukhiphe amadimoni ngegama likaJesu."


"Kuyothi uma sengiqedile bese sidla inyama ke mntakababa. Wena awuguli awunalutho uhlaselwe amadimoni nje qha, kodwa khululeka ngizowakhipha onke ngeSonto. Ukunyathela nje estezi, ngeke uphinde ufane nakuqala." Kubeka uThinah Zungu.