Bathi klebe klebhula bosala bethunga abanezinalithi. Ulitalabhe bukhoma iphephandaba elidumile kuleli umfoka Ngobe. Wakhwela wadilika kwizintatheli ebezidla ngaye uphuthu ubusuku nemini zibhala ushidi ngegama lakhe ngesikhathi esamisiwe emsebenzini. Utalabhe umfoka Ngobe kwaye kwazwela kuCharles Khuzwayo umkhulu odume kakhulu ezinkundleni zokuxhumana oyintatheli yesolezwe.
Uzwakale egqiha samuntu oqala ukuchatha ephendula inkosi yamacoment ethi ukube wazala isiyingayinga esinjengawe wena esho emkhomba lona obembhedela wathi ngangiyothi umkami akayibulale lento. Indaba ingale post etrendayo kumanje kaMfanawochuku otshele uJobe Sithole benoTshatha ezikabhoqo kwaba uyinyathele emsileni inyamazane.
"Wena Jobe nalawomasimba omsakazi ocheme noKhuzani ake nipheme niphele ezindabeni zenkosi yethu uCharles Khuzwayo. Sasivele singanandaba nokuxoshwa kwalowo Tshatha emsakazweni asinandaba futhi nokubuya kwakhe ngoba vele asizuzi lutho. Ninake uma nidla amazambane ngokubuya kwakhe musanini ukusifunza ngaye". Kubeka umfana wochuku.
"Batshele mfana. Yazi wasitshela kamnandi isiyingayinga somsakazi esizama ukuthola izinhlelo zasekuseni noma ke okungenani ezasemini ngegama lami. Akubhucwa bhucwa ngcuba laphana okhozini. Akayibambe ebusuku asakazele zona izipoki uyangizwake manje la sengihamba khona?" Kusho uCharles.