ZIqhathwe phansi ezindlini zokusakaza Ngcobo wayibamba eyakho kazi wesabani. Impi yeGcokama noBig Zulu into nje engeke isalungiseka sdalo. Indaba iqale ngeGcokama lishayi punch line kule nsizwa yaseBegville eshaye ingoma edume umhlaba wonke.
Le ngoma kaBig Zulu ingenye yezingoma ezibhekiwe ukuthi zingawenza umehluko uma sekubizwa amagama abangcwele mhlaka 31 December 2020 uma umnumzane Owen Ndlovu engakwenzanga lokho adume ngakho.
Lishiye elingalazi Igcokama kule album yalo entsha la elisho khona lathi ngeke ugcaluze kuMaskandi maqede ungasitholi isbhaxu sakhona. Lamazwi laliwabhekise kuBig Zulu, okuyinsizwa okukholakala ukuthi ayizwani kahle neGcokama.
Kumanje lezi nsizwa zombili ziphusha izingoma zazo njengoba kumele kubekhona ezenqamula unyaka mhlaka 31.
UBig Zulu usegiye wathela Igcokama ngomquba. "Uma ufisa ukuvotela amageja, avotele amageja kodwa uqaphele ngoba uNkulunkulu uyokubusa ngenqwaba yamageja uhlakule ngawo nangokhisimuzi sidla inyama thina." Kusho uBig Zulu.
"Kodwa uma ufisa ukuba nemali eningi uvuse ikhaya lakini udle nenyama eningi uhlukane namadumbe." Kuphetha uBig Zulu.
"Nangoke uphayinaphu mabhinca mina angisasho lutho sengithi nje SMS INGOMA F to 33665 ukuze unqamule lo nyaka ujabule." Kuphendula Igcokama libhekise kuBig Zulu.