Uzoyivimba uyenze njani iNkandla kaKhuzani noMsholozi noNgizwe nabanye? UNomvelo Nkomo (17) obefunda eBizimali High, eNkandla obengumfundi ka-matric owole o-A abayisishiyagalombili kuzo zonke izifundo abezifunda, uthe ubebalindele bonke o-A uma ebheka indlela abezimisele ngayo. Uthe ukukhulela emakhaya lapho kugcwele khona imitholampilo, okuthatha isikhathi eside ukufinyelela kuyo, kumgqugquzele ukuthi afunde kakhulu ukuze aguqule lesi simo.
Uthi iCovid-19 ayimlimazanga kakhulu ngoba othisha baseBizimali bazamile ukubenzisa wonke umsebenzi wesikole ngesikhathi esifushane abebenaso. “Engingakwazi besibuza kothisha futhi sisizana singabafundi. Bengifunda kuze kube phakathi kwamabili ngingalali,” kusho uNomvelo.
Uzidlele amahlanga kwLife Orientation, Agricultural Sciences, Life Sciences, Geography, isiZulu, isiNgisi nePhysical Science. Kubo uhlala nonina nengane yakubo eyisitshudeni eNyuvesi yaKwaZulu-Natal. Uthe uyise washona esemncane. Ufake isicelo sokufunda enyuvesi iWits, UKZN naseSefako Makgatho Health Sciences.
Uthe unina uNkk Busisiwe Nkomo akasebenzi ubaphilisa ngemali yemiqasho anayo. Uchaze indodakazi yakhe njengomntwana okhuthele, ozimiselayo. “Bengithukile ngithi uzophazamiseka ngenxa yeCorona kodwa ukuzimisela kwakhe kumlethele impumelelo,” kusho uNkk Nkomo.
IBizimali ibe nabafundi abayisikhombisa abathole o-A abayisishiyagalombili kuzona zonke izifundo. Iphini likathishanhloko uMnuz Philani Dumakude, obuye abe nguthisha wePhysical Sciences kwa-matric, uthe inkinga yamanzi, ugesi nomvalelandlini kuwuthikamezile umgqigqo wabo. Uthe abafundi bebengena u-7 ekuseni baphume u-5 ntambama futhi othisha bakwamanye ama-grade bebelekelela kwa-matric.
BY ISOLEZWE