Goto News >
Search..

Goto News
Izingoma zikaMaskandi azikhishwe ohlelweni lokunqamula unyaka oKhoziniFM by Ngizwe Mchunu
Utata uNdive uthi weluleka uKhoziFM ukuthi liwukhiphe umculo wesintu noma uMaskandi emuncintiswaneni wezingoma noma wengoma ezonqamula unyaka.

UNgizweke indoda evame ukuthi ikhulume nomengabe yini esuke isiyicabangile ngaleso sikhathi ngale kokubheka ukuthi ubani ozophatheka kahle futhi ubani ophatheka kabi as long as leyonto yakhe ekholelwa ukuthi yakha isizwe noma kukhona lapho eyenza khona ubumbano. Njengamanje uNgizwe uthi uMaskandi awungabibikho ezingomeni ezizonqamula unyaka ngoba wona ushaya kwasani.

Uthi lento yokuthi uMaskandi ushaye kwasani yenza ukuthi kungabimnandi ukuzwa ingoma enqamule unyaka oKhoziFM ngoba sekunabaculi bomculo wesintu abavele befuhlele izingoma zabo ohlwini lwezingoma ezizonqamula unyaka ngale kokubheka ubumnandi bengoma futhu lokho kuzokwenza ukuthi laba abanye abaculi abacula lolu olunye uhlobo lomculo bengabe besavuma ukuthi izingoma zabo zifakwe ohlwini lwezingoma ezizonqamula unyaka kanti zona izona ezimunandi nezifanelwe ukunqamula unyaka.

Asazike ukuthi abathandi bomculo wesintu kanye nabaculi bakaMaskandi uzobaphatha kanjani lomubono kaNgizwe ngoba kukhona abaculi abakhiphe ama hit unyaka uqala futhi njengamanje bathi angeke bakhiphe ngoba babhizi baphusha izingoma zikaGood Friday ukuthi zibe sohlwini lwezingoma ezizonqamula unyaka. Isibonelo, uJaivazimnike uphumele obala emsakazweni uKhoziFM ohlelweni luka Zimdola ukuthi angeke akhiphe ngoba ufuna ingoma yakhe ethi "Ntabezikude" kube iyona ezonqamula unyaka...