Ingoma kaKhuzani ethi Ijele, ihambe phambili emsakazweni uKhozi FM, ngamavoti angu-957 950, kwaba iyona evotelwe kakhulu. Ube ngumculi wesithathu kuleli ukuthi ingoma yakhe ihlukanise unyaka emsakazweni uKhozi FM, uthi manje usebheke imincintiswano yaphesheya kwezilwandle neyase-Afrika.
Ekhuluma nabezindaba uKhuzani uthe, kuleli usekufezile konke ayekufuna okubalwa kuko ukugcwalisa iMabhida waphinde waqoqa izindondo emicimbi emikhulu okukhona kuyo amaSama namaDStv Viewers Choice Awards.
“Ukuhlukanisa unyaka bekuyikona ebengikufuna kuleli sekwenzekile ngakho kufeziwe, ngiyabonga kakhulu kuwona wonke umuntu ongivotele, ngaphumelela. Abalandeli bami nabantu bakuleli abakwenze kimi kukhulu kakhulu. Ngibheke emiklomelweni okukhona kuyo eyase-Afrika neyaphesheya kwezilwandle,“ kuchaza uKhuzani."
Uthe uyafisa ukungena emcintiswaneni omkhulu emhlabeni amaGrammy Awards.
“Kozakwethu ebesinabo kulo mncintiswano ngiyazi ukuthi izinhliziyo zibuhlungu, njengoba engekho umuntu ongajabula ehluliwe. Kodwa ngithi angibachushise ngokuthi uma kuqhudelwana kanje ababe nezinduna namagatsha abalandeli babo nokuyilapho beyoyibona khona imiphumela emihle. Umaskandi uma kuqhutshwa kanje uyowina kuze kube phakade,“ kuphetha uKhuzani.