Goto News >
Search..

Goto News
Kubhuntshe amalobolo kowaqoma kufacebook

Usephilela ukucasha usisi owaqomba uKhuzani mbumbulu kufacebook. Kunensizwa ezenza uKhuzani ezinkundleni zokuxhumana bese ishela izintombi nayo ziyiqome. UMbalenhle Hlengiwe uxwayise osisi abaqoma abantu abadumile wathi ucela bayeke ukuba othathekile. "Kunomntwana wangapha ngasekhaya owashelwa ubhuti ofake isithombe sikaKhuzani kufacebook baze baqomana." Kuchaza uHlengiwe.


"Ngokusho kwakhe lo sisi uthi yena wayezitshela ukuthi uqoma uKhuzani kanti akabuzanga elangeni. Lo sisi ubesebenza esitolo samankuntshunkuntshu ehola nemali yeqolo. Lo Khuzani wayehlala ecela imali kulosisi aze amfakele ngisho eyengane. Ngimbuze ngithi mina onjani lo Khuzani ocela kuwena imali kusho? Kufane nokuthi ngithela amanzi emhlane wedada."

"Bethandane isikhathi eside impela naloKhuzani kodwa bengakaze babonane. Kube mnandi kuloluthando kuze kufike la kukhulunywa khona ngezindaba zamalobolo. Sabizwa impela nezihlobo nabo bonke abasondelene nalo sisi sizobona phela abakhongi abalethe amalobolo. Kwakuthengwe yonke inhlobo yokudla kulo mndeni kulindelwe abakhongi."


"Lize liyozilahla kunina ilanga lutho ukufika abantu bakaKhuzani. Anyamalale ubhuti wabantu nasefonini engabe esatholakala. Sabe sesisizitika ke thina ngezibiliboco ezazikhona. Kunamhlanje usaba ngisho ukuphumela phandle ngendlela akanamahloni ngakhona. Ngizocela ukuligodla igama lakhe." Kubeka uHlengiwe.