Goto News >
Search..

Goto News
Kubongwa ngokusa kuSthembiso Zondo

uphuthunyiswe esibhedlela kukubi uPastor Sithembiso Zondo, emva kwengozi yokugingqika kwemoto yakhe kuthelawayeka ngaseMtshezi ngoLwesihlanu. 


UPastor Zondo odume ngezintshumayelo ezivuselela umphefumulo ohlelweni Isidlo Sakusekeni, olushayelwa nguTshatha Ngobe noNongcebo Mckenzie kuKhozi FM, kuvele ukuthi ubephuthuma emngcwabeni thizeni eMpumalanga, ngesikhathi evelelelwa yingozi ngoLwesihlanu.

Lishone elangoLwesihlanu sezikhulunywa izindaba zokulimala kwakhe kodwa zingakaqinisekiswa. Kubonakale nevideo yemoto eyiveni kuYoutube okukholakala ukuthi ngekaPastor Zondo ishaye amankeyana ezihlahleni, isidonselwa emgwaqweni. 


Emva kokuzwa abantu baphuthume ezinkundleni zokuxhumana bamfisela ukwelulama okusheshayo. Umkhulumeli weSABC obambile uMmoni Seapelelo, ukuqinisekisile ukuthi uZondo uvelelwe yingozi kodwa wangadalula imininingwane eminingi ngaphandle kokumfisela ukwelulama okusheshayo.



READ: Ngizwe | "Igcokama liziphilela ngomthandazo"


Imininingwane engaqinisekisiwe ithe umfundisi ulimele kakhulu kanti ungeniswe esibhedlela kukubi. Imizamo yokuthola umndeni iphunzile ngoba nabakwaSABC abanikezelanga ngezinombolo zomndeni. UZondo uyaziwa ngezinkulumo zakhe ezigqugquzela emsakazweni. Ngaphandle komsakazo unebandla futhi uhambela izindawo eziningi ekhuthaza ngamazwi anika ithemba.