Goto News >
Search..

Goto News
Kubongwe uNatasha kudliwa iPirates

Aw bathi Lorch!! Lorch!! Lorch!! Azikhali nga-Lorch la ziyakhala!! Umfana ubezicabangela amatulutu ezinqa ayewadephuza ngezikhathi zamaholi. "Hhee!! Usenkunldeni wena ucabangana nalezi faca zikaNatasha?" Kusho uZimbawu ngolimi lwangakubo animzwanga vele nina ngimzwile mina. 


"Ukubonga kwami kumi ngawe njalo ntomb'emhlophe. Ukube kuya ngami nangezifiso zami bengizokuchoma uphaphe lwegwalagwala uqhubeke usenzele okuhle njalo nje uma sizobhekana nabo laba ontaba kayikhonjwa ngeminwe ikhonjwa ngevolovolo. Ngaphandle kwakho mama wethu singaba yini emhlaben." Lawo ngamazwi

eNjomane umfoka Mhlongo ebiwashaya ihleka kancane ngesikhathi iphethe ibhakede layo iyozidayisela amagwinya kwazise akukasebenzeki kahle kwezomculo awakaveli ama-events. Ngakolunye uhlangothi, insizwa edume kakhulu kweziJaiva Zimnike ivele yahleka kakhulu kwavela elomhlathi ngesikhathi uLorch ethatha leya short ethande ukumethwesa kanzima uKhune kodwa kwasho ukuthi ihamba nokukhatha phela ayidlali leya ntokazi yakwaThahane, umbhede uyajika.