Goto News >
Search..

Goto News
Kucelwa umkhuleko weSilo esizweni sonke

Izindaba zokungeniswa esibhedlela kweSilo zidalulwe uNdunankulu kaZulu, uMntwana Mangosuthu Buthelezi ngeSonto. UButhelezi ube esecela isizwe sonke kuhlanganisa abaHoli bamaBandla namakholwa ukuba kukhulekelwe iNgonyama kaZulu. Sihlalo weNdlu yobuHoli boMdabu KwaZulu-Natal, iNkosi Phathisizwe Chiliza, uhambe emazwini kaShenge wanxenxa amakhosi, izinduna nemikhandlu yonke nesizwe ukuba kukhulekelwe iMbube ngokujulile.


UChiliza ubonge uShenge ngokubikela isizwe ngendlela enesizotha nenhlonipho mayelana nesimo sempilo seSilo. “Siyanxusa kubantu ukuthi bazinikele, bakhuleke ngokujulile. ISilo sethu singumuntu osondelene kakhulu noMdali. Ukudunguzela kwaso, kusiphatha kabi sonke isizwe,” kusho uChiliza.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, ufisele iMbube ukwelulama okusheshayo echaza ubuholi bayo ukuthi bungefaniswe nobamuntu. UZikalala uthe kubashiye bekhathazekile ukuthola izindaba zokungeniswa esibhedlela koHlanga LoMhlabathi.


 “ISilo sinendawo ebalulekile empilweni yethu. Sibeka phambili izidingo zabantu. Sekuyisikhathi sokuba nathi sikhulekele ukwelulama kwaso nempilo enhle. Njengamanje sibudinga kakhulu kunakuqala ubuholi beSilo,” kusho uZikalala.


UMbhishobhi Malusi Mpumlwana ongunobhala womkhandlu omele amabandla, iSouth African Council of Churches, uqinisekise iNdlunkulu ukuthi uyakukhulekela ukwelulama kweSilo. UButhelezi uthe iSilo singeniswe egunjini labagula kakhulu esibhedlela ngokomyalelo wodokotela khona kuzobhekwana kahle nesimo saso.