Goto News >
Search..

Goto News
Kunconywa impande kaKhehlelezi ecaleni likaNgizwe

Injabulo ibhalwe mehlweni ezinkumbini zabalandeli bakaNgizwe Mchunu kanye nabakadokotela wodumo okukholakala ukuthi ubenesandla ekuthenini uMacingwane ayithole ibheyili. Le nsizwa yaseNkandla yenqatshelwa ukuthola ibhayili ngesonto eledlule kwagxekwa inyanga yakhe kwathiwa ayiwazi umuthi. Okugcine kuvusa namazwi ayo eyawasho yathi ngeke aboshwe uZuma kumanje ubhadlal ejele. 


Ligezekile kancane igama lale nsizwa njengoba kucace ngokusobala sekuxabana imantshi nomshushisi enkantolo ukuthi sekusebenza isilwane ke manje. "Ngeke phela ungitshele ngomsebenzi." Kusho imantshi itshela umshushini. "Kuyinto ejwayelekile ukuthi uma umuntu esekutholile ekade ekufuna bese ekhohlwa ukuthi obani abamsizile. Ngeke mina ngidle amandla kamkhulu uKhehlezi bafwethu ungikhiphile endlini emnyama.'

Kubeka iChunu elivume bukhoma ukuthi alishwanga lona lazihambisa lona ejele. Uqhube wathi wayengenalo kwalona icala. "Ngizokutshela isimanga mina. Kwalelo cala engabekwa lona lahlanganiswa phambi kwethu sesifikile sizonikela ngoba vele yayingekho into engangiboshelwe yona. Kwavele kwabonakala nasenkantolo selithethwa leli cala ukuthi kukhona abatsheliwe ukuthi abacindezele okokugcina ukuze ngingaphumi. Kodwa ngeqinisi namadlozi akithi nempande kamkhulu ngingaphandle manje." Kubeka uMacingwane.