Ukwenza akufani nokukhuluma. Kuthe sebedliwe kwazwakala uMzukulu noDumakahle besholo phansi bethi 'Uma ungumsakazi awuhlale ekusakazeni, uma ungumculi awuhlale ekuculeni.' Besho njengeNdidane. Khona manjalo kuzwakale uTshatha ehlekela phezulu ethi bafana bakithi ngiyaxolisa ngisuke ngambona emfishane unozinti wabo ngathi ngimudla phezulu ekhoneni phansi kwecross kanti sengidlisa iteam.
Kusenjalo kuzwakale iphimbo elincane ebelivela ngase 18 area kuthiwa kodwa Khuzani sifike kanjani kuma penalies ngoba kumele ngabe uwuqedile umdlalo ngaleliya thuba. Le nsizwa yakwaMpungose ishwebe udedi wegoli obekumele ngabe unqotshwe ngalo umdlalo. "Cha ngane zakwethu ngiyavuma ngimoshe kakhulu. Lesi isifundo sokuthi ngingaphinde ngigxeke umdlali uma ehlulwa igoli elilula ngoba izintelezi ziyashiyana."
Zikhale ngaphansi izinkunzi zakuMaskandi ngamagoli amathathu kwamane sekukhahlelwa amaphenathi. UKhuba ukwazile ukugeza igama lakhe ngokushaya iphenathi enhle kakhulu nokube uyena umdlali wokuqala ukukhahlela. UBig Zulu ube umdlali othande ukuba ngenhla kakhulu ohlangothini lwabe Hip Hop. Kanti ngapha ngakuMaskandi, uthande ukudla lubi uNtencane kanti namarasta amabili aseNquthu uNgiga noJaiva Zimnike badlale kahle kakhulu.