Goto News >
Search..

Goto News
Lihlabe lephukela elikameya kuKhuzani

Usodolobha ugxeke uKhuzani ngesenzo sakhe sokuthi uma eyofaka isandla kwaZungu bese eshutha izithombe. Ukwenze lokhu kugcwele abantu abebehambele umngcwabo kaMajotha umfoka Zungu osishiye ngokukhulu ukuzuma. Le nsizwa yakwaMpungose ihambise isamba semali esilinganiselwa kuR1500 kodwa lokho abakushayi ndiva omayor kunalokho bayayigxeka.


"Ngibonga insizwa esibambisene nayo enguzakwethu emculweni uSgwebo sentambo ngamazwi akawakhulumile emveni kokuthi usodolobha ekhulume kabi ngami. Uma kusekhona izinsizwa ezifana noSgwebo usaqhubeka umculo wethu ngoba angazi ngempela ukuthi yini engone ngayo. Nami bengifaka isandla njengabo bonke abaculi futhi baningi abashuthile abantu laphana."

"Ngiyaxolisa kakhulu uma umayor ekubone kuwrong engikwenzile ngifisa isizwe sonke sazi ukuthi bengingahlose lutho ngokushutha kodwa inhloso yami ibiyinye vo, ukufaka isandla emndenini ngesikhathi esinzima. Ngiyaxolisa kakhulu la engiphambuke khona, skuyalumela futhi kuyazwela nakimi manje phela nami ngazalwa ngumuntu wesifazane." Kubeka uKhuzani Mpungose.


USgwebo ukhwele wadilika bukhoma kumayor wamtshela ezikabhoqo wathi akayiboni yena into ewrong eyenziwe uKhuzani. OMayor bakhuluma kanje vele ngoba ngeke bona bashuthe ngoba basebenzela uhulumeni. Akahlukane phansi noKhuzani aqhubeke nomsebenzi wakhe wasephalamende.