UNatasha Thahane intokazi edume kakhulu kwezikaqedisizungu noma kumabonakude (imidlalo akatholakala kuyona kumabonakude, Skeem Saam, Blood & Water, The Queen kanye It's OK We're Family) kanti izalwe nge 25 Semptember 1995. Lentokazike ibingakaze iphumele obala ngomuntu ongumaqondana wayo ngaphambi kokuthi ibonakale incebeleka ezindaweni ezipholile nesihlabani somdlali weOrlando Pirates nophinde adlalele iBafanabafana okungu Thembinkosi Lorch.
Ngesizulu bathi, akukho soka ladlakahle imbangi ikhala. UMthandeni Gcokamelisha Manqele ubengayimisile neze kahle lentokazi ezinkundleni zokuxhumana eyitshela budlabha ukuthi uyayithanda ngoba ubeze ayifisele ngisho nezilokotho ezinhle uma kuwusuku lwayo lokuzalwa kanti nayo ibingamuzibi ngoba ibibonga kodwa uma litha liyagalela iGcokama ibingaphenduli esidlangalaleni.
Ezakamumva zithi ikhulelwe lentokazi kodwa bekungakacaci ukuthi ubani ubaba wengani kodwa iGcokamelisha lisheshe lacacisa ukuthi akulona ngoba zithe uma ziputshuka izithombe zalentokazi iveze isisu wavele wabhala ngamagama amakhulu ukuthi amanga ukuthi ikhulelwe, kanti ukube ubethinteka ubezothula noma aziveze ukuthi uyathinte ekudliweni kuka Natasha kodwa kusobala ukuthi ayikaze ithole lutho lensizwa yaseMdletsheni...