Goto News >
Search..

Goto News
Liqede nya ngoMgube Igcokama

Lithi lidedelu voice mail onenkosi phakathi kuSwelizinyo. Kodwa elikwenze kumfoka Ndukuzempi kuyadabukisa ngoba kuvele kwacaca ukuthi usemncane ngengoma uMgube kwiGcokama.


"Mina ngifisa ukwazi ukuthi kulesiya samba semali lesiya, uyasazike yena. Ngifuna angiphendule ukuthi ngoba mina ngathenga inxuluma lomuzi omuhle kunayo yonke ekhona ezweni, nakhona ngiwuthenga egoli, yena wathengani?" Kubuza Iskhova.

"Oohh konje yena wathenga imkhukhu, umastende wemkhukhu. Ngizomlaya ngoba ngizovele ngidilize yonke le mkhukhu kuphele kanjalo ngokuti qeqeqe efonini ngenyanga."


"Ngiyezwa wemadala ukuthi uthembe ukuthi umdala, umuntu omdala akashawa. Ngizokuvamba ke mina uyoze ukhumbule isinkwa sasebhanoyini.


Ngabafika behlakazekile eqenjini leBhova ngabathatha ngabahlanganisa kunamhlanje bahlangene. Bahlupha ngoba abakwazi ukubonga. Bazi ukuxokiza nje bona, bese benza ukukhuluphala engathi inakhunjana.


Ngimfuquza bukhoma ke uMafendana, angiyiphathi ekaMajotha uphuphe le, kwaMashu la akaphuphe khona. Lokhu okunguMgube ngifuna kuqoqe kahle konke okuzinganyana zakho kubheke ukuthi akukho yini okugodle ichwane leGcokama." Kusho Igcokama.


Okuningi usuyozizwela wena mthandi wengoma. Zitholele eyakho uzwe lo mtalabho ongaka.