UNgizwenkosi umfokaMgan'omanxeba, umfokaDouble man iChunu, lensizwa ingiyase Nkandla eMabhuqwuni lapho ezinze khona kodwa njengamanje ithi imithombo ethembekile lendoda seyahlala kwaNongoma emva kokwendlula kweSilo, asazike ukuthi kanjani ngoba phela lendoda ishiye amafazi ekhaya abane (4), ukuthi yenzenjani ngalaba bafazi noma ukuthi ibashiye nobani asazi kodwa kubukeka sengathi nalaba abanye abazolandela lo omncane obalekile uFloda okhale kakhulu ngendlala yasekamelweni.
UFloda ukhale ngokuthi uNgizwe uvele wafana nomfowabo kuyena esikhaleni-nje engalindele naye ngoba uNgizwe ubese ethi uma efika ekhaya avale azihlalele-nje engayingeni eyasekamelweni kanti enye yezinto eyenze ukuthi ahambe ukuthi ukuthandana kwakhe noNgizwe bese kulimaza umsebenzi wakhe wokucula ngoba iChunu linokufonela wonke umuntu limfonelele ukumdelela-nje manje lento igcina isiphazamisa isiphiwo sakhe uFloda azithole engasaqashwa ndawo.
Libuzakala iChunu ngenkonzo yasekamelweni lithe uma ungena ekamelweni bese kuba khona ophuma ungakwenzanga ibe imizwa yakho kanye nomuntu wakho ivumelana uyashayisa nokuyilapho okungene khona umlaleli wathi yena akayenzi leyonto yokukhotha inkomo lathi iChunu awuyona indoda wena, livele lamutshele-nje emehlweni lathi ,"awuyona indoda wena", lokhoke bekwenzeka kwiVuma103Fm, lithi iButho nedlozi liyajabula uma indoda ishona phansi ngedolo ngoba lokho kusho injabulo hhayi umsindo egcekeni ekhaya.....