Goto News >
Search..

Goto News
Liyamthokozisa iholo owaxoshwa indlala

Injabulo ibhalwe emehlweni kumnumzane Scelo Tekisi Ntetha. Le nsizwa idalule isizathu esamenza wathatha isinqumo sokulaxaza umqashi wakhe obeseneminyaka elishumi nanye emgidela uKhuzani Mpungose, wayojoyina imbangi yakhe Igcokama elisha.


Ukhulume nabezindaba okokuqala emveni kokushiya eMandaba wayobhalisa ezweni lengezo eMdletsheni. Uzisholo yena wathi waxoshwa indlala eMandaba. Kodwa uthe akukho ngxabano ekhona phakathi kwakhe nomnumzane Khuzani Mpungose. "Wangivumela ngenhliziyo yakhe emhlophe uma ngicela ukuyobheka amadlelo aluhlaza." Kuchaza uTekisi.


Ebuzwa ngesimo sendlala eMdletsheni uthe liyamthokozisa kakhulu iholo akalithola kumnumzane Mthandeni Manqele. "Ngiyabonga kakhulu indlela engamukeleke kahle ngayo eMdletsheni. Ngibonga angiqedi nakubalandeli beGcokama elisha indlela abakhombise uthando ngakhona. Ngijabulile kakhulu ngendlela engiholelwa ngayo. Lizoke lithi ukubaleka nekati eziko"