Umongameli omusha wezwe umfoka Macingwane uzidonsela amanzi ngomsele njengoba elokhu eyihlomise njalo eyokuthi kudedelwe lowo owabe engumengameli wezwe umnumzane Jacob Zuma. Le nsizwa yaseMachunwini eNkandla eyaduma kakhulu isakaza uMaskandi Okhozini isimemezele ukuthi izohlanganisa abantu eGoli kwaMai Mai izokhuluma nabo mayelana nokunganeliseki kwayo ngokuboshwa kukamkhaya wayo.
"Ngiyobonga futhi ngiyoshaya izandla uma kungaphela lelisonto engabaliwe esitokisini uNgizwe Mchunu. Angisho ukuthi ngifisa kube njalo ngoba nami ngibuhlungu ngokwenzeke kuMsholozi, kodwa ngathi umfoka Macingwane usethanda ukuba nokubhayiza mbijana. Azivumelekile izixuku njengoba izwe likulevel 4 nje. Kodwa yena ubizela abantu esidlangalaleni ebe azi kahle ukuthi lelizwe linabaphathi abangezwani nodoti." Kusho uDlubheke.
Omunye ongumlandeli omkhulu kaMaskandi nothanda uZuma uMsawakhe Kheswa ukubona kungubugwala nobuvaka lokhu okukhulunywe uDlubheke. "Ungcono uMchunu uyalwa vele isosha lifela emsebenzini. Enzani nje lamaqhawe angomazibeke adume la endimeni kaMaskandi? Aseke athini, aseke enzani nje ekhombisa ubuqhawe njengoba kuboshwe ubaba wethu nje. Aneke amandese nje wona awenzi lutho kodwa ayabona libhubha nommeli. Ayi bafwethu ake sibone ubuqhawe benu niyeke ukubukela iChunu lilwa lodwa nikhona." Kusho yena epikla.