Sekuvele sekonakele ezindimeni zomculo wesintu njengoba Ibhova elincane langempela elazalwa uMgqumeni umfoka Khumalo seliziphothulile izifundo zalo zikamatikuletsheni. Le nsizwa esencane abaningi abakholwa ukuthi ayinalo ikhono lokucula njengoyise ifake ukushisa ezinkundleni zokuxhumana kumanje kutrenda yona kuphela.
READ: Uthi akanandaba noLusanda ngoba uzophupha vele
"Sengijahe ukuthi angene estudio umfana sikhona thina someseka. Usekhulile futhi ngifuna aqoqe onke amagida ngoma eBhova oJaiva Zimnike, oDSD Mhlongo, oShilisi, uMjikijelwa ngifuna emelwe uNtencane, Ezebhova ngifuna zikhothame enkosini kaMaskandi entsha uLusanda umfoka Khumalo."
"Thina maZulu sikuqonda kahle kamhlophe ukuthi uma inkosi isikhotheme, isihlalo sayo sithathwa indodana endala. Angikaze nangelilodwa ilanga ngizwe kuthiwa kukhona umuntu ophikayo ukuthi uMgqumeni wayeyinkosi kaMaskandi. Kanjlo ke angilindele namunye umuntu ozothi uLusanda abumufanele ubukhosi ngoba uyindodana yenkosi eyakhothama."
"Usesikhethele igama akafuna simbize ngalo la endimeni wathi uyiBhova elincane. Ngeke ke sikwazi ukweqa ngaphezulu osekushiwo izinyane lenkosi. Lowo osegijime phambili wazibiza ngebhova elincane komsiza ukuthi abuyisele okwabanikazi kungenjalo kuzonyiwa." Kubeka Inkosi Yozankosi kwezeGcokama eMdlovane.