Goto News >
Search..

Goto News
Lubhekwe isambane Ukhozi FM

Umphathi we-Michael Owen Productions, u-Owen Ndlovu uthi buzochitheka bugayiwe kuKhozi FM njengoba luveze ukuthi kuzovotelwa ingoma ezohlukanisa unyaka emveni kokuthi lumemezele izingoma ezingu-10 ezizovotelwa.


UKhozi FM lumemezele ingoma kaKelly Khumalo ethi: Empini (A), Your Love ka-Azania (B) , Festive kaDJ Hlo (C), Imali Eningi kaBig Zulu (D), John Vuli Gate yeMapara A Jazz (E), Amageja yeNdlabeyiphika (F), Uthando yeSoulmatrix (G), Ijele likaKhuzani (H), Xola Moya Wami kaNomcebo Zikode (I) naManikiniki eMFR Souls (J).

U-Owen uthe kumanje abameli bakhe sebeyithumelile incwadi kwaSABC emisa ukuthi lezi zingoma zivotelwe ngoba ukuzivotela kungumqondo wakhe.


“Anginankinga ngeTop 10 yoKhozi FM, kodwa enginenkinga nakho ukuthi bathi kuzovotwa ukuze kubekhona ewinayo. Uma sekuvotwa lokho kuzobe kusho ukuthi sebethatha umsebenzi wami ngaphandle kwesivumelwano. Nanyakenye saqala sabaxwayisa ngalesi senzo sabo bangafuna ukulalela. 


Njengoba sebethe kuzovotwa, kuyacaca ukuthi kumele sihlangane enkantolo ngoba asivumelene ngalokho abakwenzayo. Bangaqhubeka ngokuthanda kwabo kodwa engimi kukona ukuthi ngeke imenyezelwe ingoma ezohlukanisa unyaka uma kungukuthi izovotelwa. Nabazovota kuzomele bazi ukuthi bazilahlela imali yabo ngoba ngeke imenyezelwe ingoma yonyaka njengonyaka odlule,” kusho u-Owen.

Uthe uma kusondela izinsuku zokuthi kumenyezelwe ingoma ezohlukanisa unyaka bengakuhoxisile ukuthi iyavotelwa bazovinjwa yinkantolo abakwaSABC.

Umkhulumeli weSABC obambile, uMmoni Seapolelo, uthe iSABC ibonile ukuthi umkhankaso weNgoma Ehlukanisa Unyaka uyathandwa ngabantu.

“Lo mkhankaso unxusa abalaleli ukuthi bavotele ingoma abayithandayo kwezingu-10 ezimenyezelwe. I-SABC izoqhubeka nalo mkhankaso noma ngabe u-Owen Ndlovu weMichael Owen Productions (MOP) usabisa ngokuwumisa.


I-SABC ingakuqinisekisa ukuthi isikhalo ebesibhekiswe kuyona ebesifakwe yiMichael Owen Productions ngoDisemba nyakenye sachithwa uyena uMnuz Owen Ndlovu ngoJanuwari nonyaka. Ngaleyo ndlela alukho udaba olungaxazululekile phakathi kweSABC neMichael Owen Productions. Inkontileka yeSummer Song eyayiphakathi kweMOP neSABC isiphelelwe yisikhathi futhi ayivuselelwanga. Amalungelo eMOP eyayinawo ngeSummer Song sekungaweSABC njengoba yawathenga. 


Nemali enguR500 000 ekweletwa yiMOP okwakumele ikhokhelwe iciko elidumile ngenxa yalo mkhankaso, iSABC yayalelwa yisikhonzi senkantolo ephakeme ukuthi ingayikhokhi," kusho uMmoni.

Uthe abalaleli bangaqhubeka nokuvota ngokuthumela umqhafazo othi: “ Ingoma” nohlamvu lwengoma abayivotelayo ku-33665. Umyalezo ubiza u-R1.50 kanti imiyalezo yamahhala ayisebenzi. Ukuvota kuvalwa ngo: 1 emini ngoDisemba 31.