Goto News >
Search..

Goto News
Lusenkingeni Ukhozi ngendaba yengoma yonyaka

Umisiwe emsebenizni umsakazi odonsele Ukhozi amanzi ngomsele. Lujongene nengxaki Ukhozi. Kumanje luphenywa kabanzi ngomkhonyovu olwawenza ngonyaka ka-2005. UTshatha, osakaza uSigiya Ngengoma neSidlo Sasekuseni, udalule ukuthi izingwazi zomculo kamaskandi, uShwi Nomtekhala, yizo okwakufanele zisiwelisele kunyaka ka-2006. 


Ubephawula embhalweni womculi kamaskandi, uKhuzani "Indlamlenze" Mpungose osanda kuhlukanisa unyaka ngenoni lengoma ethi Ijele. "Kusukela ngo1998 zimi kanjena. Ngiyabonga Ningizimu Afrika ukufaka igama lami emlandweni. 


READ: Shwi noMntekhala babanjwa ngophondo

Akuyona into encane ukwenza ingoma ijike ithandwe umhlaba wonke ngale ndlela. Iphinde yehlukanise unyaka...#Ijele," kubhala uKhuzani. Ube eseziklelisa zonke izingoma esezike zahlukanisa unyaka Okhozini kusukela ngo1998 kuze kufike kwekaProfessor Langa ethi Jezebel eyahlukanisa ngo2010.

Ube esengena uTshatha ecacisa ngokwenzeka ngo-2005. Ngalowo nyaka kubhalwe ukuthi ingoma eyadla umhlanganiso eyeMalaika ethi 2bobo kodwa uTshatha uveze ukuthi akubanga njalo. eleni kwaba uShwi NoMtekhala owadla ubhedu ngalo wonyaka! Unyaka wawehlukaniswa yimina noLinda Mr Magic (Sibiya) ngalowo nyaka. Kwaba nesizathu esaholela ukuthi kube iMalaika ehlukanisa unyaka, uShwi walala isibili. Ngoba kwethusa ukuthi umaskandi agile izimanga ezagilwa uShwi."


Uthe kwakungelula ukuba ingoma kamaskandi ehlukanisa unyaka ngoba kwakungakaze kwenzeka ngaphambilini. "Ngakho kwaba novalo lokuthi abantu bazokwamukela kanjani lokho. Abaphathi bangaleso sikhathi bagcina bethathe isinqumo sokuthi kube iMalaika, nakuba izwe lonke lalilindele ukuba kuqopheke umlando kube uShwi owayevimbanise izwe lonke ngisho naseSwatini, kwaba ukukhala kwethu ngaphansi-ke lokho singamabhinca."


READ: Ubize Igcokama ngomquba


Uthe nasemoyeni kwachazwa. "Yingakho saze sayidlala kabili ingoma kaShwi ngaphambi kweyeMalaika nangemuva kwayo. Futhi ukhumbule phela ukuthi kwakungavotwa ngaleso sikhathi! Ukuvotela ingoma ehlukanisa unyaka kuqale ngo2009," kuphetha umbhalo kaTshatha. Ingoma yoShwi ethi Ngafa ikwicwecwe labo elakhishwa ngo2004 futhi eladayisa amakhophi angaphezu kuka700 000, elisihloko sithi Wangisiza Baba.

Ebuzwa ngalezi zinsolo, ongumkhulumeli weSABC osabambile, uMmoni Seapolelo, ukuqinisekisile ukuthi selufikile nakubo e-Auckland Park, eGoli lolu daba. "ISABC ingakuqinisekisa ukuthi lolu daba luyaphenywa futhi okwamanje ayikazimisele ngokunaba kabanzi luze uphenyo lufinyelele emaphethelweni," kuphetha uMmoni. Kusukela ngoLwesine nangoLwesihlanu uTshatha ubengazwakali ohlelweni lwakhe.