Goto News >
Search..

Goto News
Navigator uthi uMfezemnyama noNgiga bayizinokwe kanti uNgizwe uyamhoshozela

UNavigator King Gugas Gcwensa insizwa yaseMpangeni Ongoye ngaphansi kwenkosi uMzimela, lensizwa ikhulele khona eMpangeni ngoba ifunde khona yaze yaqeda okuthe uma isiqedile nayoke njengenjwayelo yabe isibalekela kwaNyamakayipheli eGoli ukuyozama impilo njengabantu bonke ngoba njengamanje isePretoria North nokuyilapho esebenzela khona. Lendoda indoda ethi ayifane nalensizwa yaseMdletsheni enguMthandeni ngoba ayinqeni ukuvele italabhe bonke abaculi bakaMaskandi kungonakele lutho ngoba sikhuluma nje namhlanje ayizwene  no3seconds emva kokuba u3seconds enze imizamo yokuyiyekisa lento yayo yokushaya kwasani. 


Lendoda ithi ifike emculweni ngo2018 isikhiphe ama Album amane kanti futhi yona angake iwuyeke umtalabho ngoba iwona omenze waba kulelizinga akakulona namhlanje, uthi usazoqubeka nawo ngoba uma kungaphela izingoma zokushinga emculweni wesintu umculo wesintu ungafa. "Umtalabho mdala kusukela ngisengumfana omcane ngingakacabangi ngisho nokuthi ngyoke ngicule kwakuvele kutalajwana emculweni kaMaskandi ngoba futhi nawo umtalabho-lo uke waba sesitayeleni ngenye indlela ngoba kwagcina sekutalabha ngisho izinokwe ezifana noMfezemnyama kanye noNgiga", kusho uMfokaGcwensa.

Uthi iyona leyontoke eyenza ukuthi akhiphe leya ngoma yakhe eyayithi dear Nsumpa lapho akayelanda khona uMfokaKhuzwayo eyibhola enjalo, uthi,"uDlubheke uyena muntu owangikhulisa kakhulu ehawini njengoba sengibashaya kanjena nje". Iyaqubekake lensizwa ikhuluma ngezinkinga ezikhona emculwena ithi, "kunzima kakhulu emculweni akufuneki ukuthi uze ngoba uqutshwa indlala ngoba uzogcina usuphanjanelwa ikhanda njengoMgqila kanti futhi lomculo awufuni ukuthi ungene ngoba uzwa oNjoko becula beklabalasa bebhimba bese nawe ucabanga ukuthi kzokulungela njengabo".


"Kulomculo uzoke uthi ukhona kwiPoster umhleli womcimbi ekubizile uvele ube nebhadi ufice oNgizwe bephethe uhlelo bakutshele into ongayizwa kahle, ngake ngaba nebhadi ngelinye ilanga ngashayela ngisuka eGoli ngithi ngizodlala la eThekwini ngavele ngaficana noNgizwe wangihoshozela wathi angimuyeke phansi ekubeni kade ngimufonelile ngayizolo ngamutshela ukuthi ngzobe ngikhona futhi likhona negama lami kwiPoster kodwa wangihoshozela wangikhulumela into engingayizwa ngagcina ngingadlalanga", kukhala yena uNvigator.....