Goto News >
Search..

Goto News
“Ngisazoqhubeka nokufudumeza” kusho uScebi

Zimtalabha nxa zonke uScebi odume ngele-Inkosi Yamagcokama endimeni yomculo. Kusukela kwaphuma icwecwe elimnandi lonke likaDumakahle elingenayo ngisho eyodwa efudumeziwe, le nsizwa inyama nambana kubathandi bomculo. Isabathe izama ngama music video kuyafana. "Awukhuphuke ngengoma kaScebi thina sokutshela ukuthi iculwa ubani." Kubeke umlandeli ezinkundleni zokuxhumana edelela le nsizwa zayinetha.


Eziphendulela uScebi kusizani ukungafudumezi ekubeni ziphupha ngesonto elilodwa ziphumile. "Ngeke ngiyekeukufudumeza ngoba ngidla kakhulu ngakho. Buka nje ngizwa kuthiwa kunobhuti osanda kukhipha kodwa kuthulekile akushiwo lutho ngaye. Uma kodwa udlala eyami ingoma eyaphuma ngonyaka odlule kutshakadula ngisho esidala isalukazi." Kusho yena.

"Awuthule nje ubuke ukuthi  uma sekukhiphe thina kuzokwenzakalani."  Kuqhuba yena.