Goto News >
Search..

Goto News
Uncoma ubuhlakani bezimbangi uNgizwe

UNgizwe Mchunu odume ngeleNkosi yamabhinca ukuvezile ukuthi akanxa noKhuzani. "Ngithi angithathe leli thuba kengisike kwelijikayo, nakuba imizimba sesiyoyilahla ezingubeni. Kukhona  okungiphatha kabi." Kubeka uNgizwe.


"Njengenkosi yamabhinca esihambe elide ibanga Abanye noma bethi ngeseka abathwele kushuthi nami ngithwele. Impumelelo yeGcokama elisha noKhuzani akuyona eyokuthwala aningathi manibona umuntu omnyama ephumelela bese nithi ngoba nakhula naye noma enimazi esaphansi mese phezulu uthwele."

"Labafana abananyoka kuphela abalali amaqhinga awapheli nje kuphela ngoba lempumelelo bayayfuna. Umlungu mayephumelela kuthiwa usebenza ngokuzikhandla Kodwa makumuntu omnyama kuthiwa uthwele."


"Musani ukudicilela umculo wethu ngokuwupha ivumba lokuthakatha. uKhuzani ngoba akaziwa umuntu athandana naye akushukuthi wathwala ngezitho zangasese njengoba nimunuka ubuvaka nje nolimi olunenkwethu iGcokama ikholwa nje elazi ukuth izinto zilungiswa ngomthandazo. Labafana baphumelele ngoba bayafukuza futhi banamaqhinga abafuni ukusala kushintsho bayayiqonda technology namandla ayo. "


"Zanefa Ngidi nobhululu bakho namavukane aqala ukucula kanye nomgqumeni yekani ukumonazela engangoba nize nihubhuze naluhlaza ngoMfezi, Khuzani, iGcokama, Njoko, Ntencane, iNkosi yamagcokama. Labantu bakulwele ukuba lapha abakhona. Khonkothani bafana nitatazelise amakhehla ayoze amelwe inhliziyo."