Goto News >
Search..

Goto News
noMalema ulivumile itemu leGcokama: Fuseg Wethu!

Akumanga kuyafiwa kuMthandeni Igcokama elisha umfoka Manqele. Nakuba litrenda kahle kakhulu itemu lakhe elithi fuseg wethu, kodwa lokhu asekufunza abathandi bomculo wakhe kofacebook kungamanga aluhlaza. Useposte isithombe esikhombisa ngokusobala ukuthi akuyena uMalema obhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi fuseg wethu.


READ: Kubhuntshe amalobolo kowaqoma kufacebook


Siyakhombisa nokuthi lokhu okwapostwa uMalema kwapostwa mhlaka 7 kwephezulu kanti kuvele kugcwele ezinkundleni zokuxhumana. Lokhu okupostwe Igcokama kuqhutshezwe embhalweni owabhalwa uMalema. Uma ungabhekisisa kahle kulo mbhalo ongezansi njengoba kukhonjisiwe esithombeni esila ngezansi, uzobona ukuthi akuyena uMalema owabhala lento kaMthandeni etrendayo. Fuseg Wethu!!


Nakuba kunjalo, libukeka liwudla ngamalengiso umhlanganiso itemu leGcokama elisha uMthandeni umfoka Kuphosakwenyathi. Le ngqalabutho kwezomculo wesintu esizakhele elihle igama iphuma isibili nasohlwini lezingoma ezinqamula unyaka, yavezi 9mm maqede yasholo phezulu yathi 'Fuseg Wethu!!' Kwab' uyeyeeee kubathandi bomculo kaMaskandi njengoba isigcwele kwezokuxhumana nje.

"Kuyangithokozisa ukuthi njalo uma ngenza into ivele itrende nje. Uzokhumbula mhla ngichitha amanzi ngendishi kwavele kwagcwala izindishi kofacebook awangabe usazi nje. Ngithi ke into uma iyinhle futhi ithandwa abantu akungami muntu endleleni yabo ngoba mina ngiphilela bona, imina inkosi yabo." Kucikoza Igcokama.


READ: iyashuba ekaMroza noMkhathazi


Aligcinanga kuMaskandi kuphela leli temu kodwa selihambe laze layofika ngisho ko-Hip Hop ngoba noSjava ulivumile. "Ngibone isingisho nje le nsizwa ewumfwethu uSjava so nginxenxa Amabhinca ukuthi ayiphe uthando leya nsizwa ngoba iyijongo futhi ibumele ubujongo bayo." Kuqhuba umfoka Manqele.