Goto News >
Search..

Goto News
NoZimdollar ulivumile ijele leMfezi

"Ngaphambi kokuthi ngicabange ngicela ukubuza ukuthi angeke yini ungijikele ngoba baningi befika empilweni yami siyihambe le ndlela kodwa ekugcineni babuye bejike, wena ngeke ujike yini"? Kusho ingoma yeMfezemnyama ephikisa ingoma kaKhuzani ethi umshado akulona ijele.


Ivunywe kahle le ngoma ngoba ivunywe umsakazi omkhulu woKhozi FM uZimiphi Biyela oshayela uhlelo lukaSgiya ngengoma.


Ithi le ngoma 'ngicela ukubuza ukuthi njengoba uthi uyangithanda uzokwazi yini ukungihlonipha uhlukane nabangani uyeke namaphathi kodwa ubheke mina ngeda? Ngicela wazi ukuthi umshado yijele layikhaya awuzenzeli umathanda kuzomele uhloniphe wazi ukuthi usemzini wendoda manje awuzukwazi ukuzenzela noma yini njengoba kade wenza phambilini'.

"Amabunjwa - Umshado Yijele. Le ngoma ithuse abaningi ebcabanga ukuthi izophuphisa ijele likaKhuzani kanti cha imlayezo ayifani. Khona zibekhona izikhalazo ezithi ingoma kaKhuzani isimoshela amakhosikazi, ikakhulukazi izinsizwa zasemakhaya la okusahlonishwa khona umuntu wesilisa. 


Yafika kahle ke Imfezemnyama yaba impendulo ezinsizweni. Ngicela idlalwe ndawo zonke nasemarank ukuze izozwakala bekhumbule abantu bethu ukuthi sabalanda emakhaya ngoba sifuna bezovusa imizi yobaba. Ngaleyo ndlela sisho ngazwi linye sithi umshado akube yijele ngane zakwethu." Kubeka uPhunga lomzondo umfoka Sithole phezulu eQhudeni.