Goto News >
Search..

Goto News
Ohubhe uNgizwe ngesagila azimuhambeli kahle izinto phesheya kwezilwandle
ENkandla kwesika Khuzani Mpungose kanye noNgizwe Mchunu bekunomcimbi omkhulu wokukhankasela ukhetho loHulumeni baseMakhaya ngempela sonto eyedlulile nukuyilapho ebeziphelele khona izimbangi zikaKhuzani eziphinde zibe oshomi abakhulu. Kubikwa ukuthi kuye kwabakhona ukwenzelela okukhulu kumphathi wohlelo noma womcimbi omkhulu nophinde abe nesipiliyoni esikhulu ekuphatheni izinhlelo noma imicimbi ngoba kubikwa ukuthi lomphathi uye wafaka uMthandeni Igcokamelisha Maqele ngesikhathi sikaKhuzani waphinda wafaka uKhuzani esikhathini sikaMthandeni okusho khona ukuthi lendoda isinesipiliyoni esikhulu kwezokuphathwa kwemicimbi.

Kubikwa ukuthi uye wakuthokozela kakhulu uMthandeni ukudlala ngesikhathi sikaKhuzani ngoba ilapho aye waziqamba khona igama lakhe elisha elithi "Khukhulangoqo", kanti uKhuzani yena akazange akuthokozele neze ukudlala ngesikhathi sikhaMthandeni nokuyilapho aye wabona khona ukuthi akadonse isagila sakhe ahubhe uNgizwe obengumdidiyeli walezinsizwa esitegi nokuyilapho okuze kwalamula khona iMeya yaseNkandla.

Lensizwake ezibiza ngeNdlovu yakoKhuba ihubha isangoma ngewisa-nje inendlela ende okufanele iyithathe ngaphambi kokuba kuphele leliviki esisuka kulona nobekufanele ukuthi icule ngesabatha leli layizolo lomhlaka 16 nokuthe uma kufanele ingene esitegi idlale ayangakwazi ukungena idlale ngoba izwakale ikhala ngoSathane ingaqedi yaphinda yakhala ngokuthi isimo ebhekene naso phesheya asisihle futhi singaphezulu kwamandla ayo...