Goto News >
Search..

Goto News
Owadutshwa Igcokama uwinwe uKhuzani

Lawuduba Igcokama elisha lo mncintiswano. ALigcinanga ngokuwuduba kodwa lawuthuka lathi umbhedo wento, umsangano kanti uhamba nenhle imali.


Kumanje umfoka Mpungose ulele phezu kwehalf million ngawo njalo lo msangano owabonwa Igcokama.Le nsizwa yaseMandaba ibilokhu ibanxenxe njalo abathandi bomculo wayo ukuthi bayivotele ukuze ikwazi ukuyonqoba izizwe imele wona njalo uMaskandi.

Nebala kwenzekile ke njengoba kuthe osukwini lwayizolo zenzeka izinto Ethekwini e-ICC la obekuhlangene khona izingqungqulu emkhakheni eyahlukene zizonikwa imiklomelo ngokusebenza kwazo ngokuzikhandla zimela iprovince.


Avelile amagama ezinsizwa ezigqamile endimeni kaMaskandi njengoba uTshatha Ngobe ongumsakazi wohlelo uSgiyangengoma ebuye nayo indondo yokuba ibest presenta kwabesilisa.


"Ngiyabonga kakhulu eningenzele khona ngane zakwethu. Selokhu ngafika Okhozini ngonyaka ka-2003 anikaze ningenzele phansi uma ngicela ukuthi ningivotele. Uthixo angigcinele nina." Kubonga uTshathugodo umfoka Ngobe kwaNongoma.


Ngakolunye uhlangothi, umqoqi wezindondo osevele waphenduka Indidane qobo uKhuzani, ubuye ephethe yona kanye le eyadutshwa Igcokama lathi ngeke lingenelele umsangano lona.


"Ngiyabonga kakhulu bafwethu ngiswele imilomo ezinkulungwane engingabonga ngayo eningenzele khona. Kumanje ngiphethe izindondo ezimbili. Eyokuqala eyokuthandwa kakhulu eKZN namaphethelo kanti eyesibili eyeBest Maskandi. Okusho ukuthi imina obaphethe la kuMaskandi." Kusho uKhuzani.