"Yey sanibonani igama nginguSifundo wakwa Mkhwanazi Emtubatuba kwaNkomokayixoshwa ngokokuzalwa ngizalwa uMaNgema eHluhluwe so ngeweekend edlule kwenzeka kanje safika saphuza sabe sesiyobuka uMaskandi eNewtown ", amazwi ayo lensizwa lawa ikuveza ngokusobala ukuthi yayidakiwe kodwa ayipheleli lapho, "Kwangena lensizwa abayibiza ngoSisi Dudu yakwaManqele ebukeka njengomuntu owumama, ayike ithe uma ingena namik ngazibonela umamak ngagijima, ngangingayile ngenhloso yokumumunca ngangifuna ukuyobona lento eyayishiwo u-Ali Mgube ukuthi unogwayi omuncane ongange 9 milimitha, so ke akwangenzeka ngezifiso zami ngagcina sengigxumela entanyeni", kubeka yona lensizwa yakwaMkhwanazi...
Iyaqubekake lensizwa ithi yathi uma igxumela entanyeni yamuzwa enuka iphefuyumi yomama uMthandeni umfokaMaqele madoda ithi yabona kungcono isale isimuqabula umqala ukuze ingeke ibuyele emumva ilambatha, ithike yabe isithola ukushayeka eyayingakulindele neze ngoba phela yona yayizibonela uSisi uDudu...