Sekudlule emhlabeni umculi obethandwa ngenxa yokuba namahlaya nezwi lakhe elihoshoza kamnandi. UMnuz Gawulezakhe Mbili (osesithombeni) odume ngelikaSphuzo sabantwana ushonele emtholampilo.
READ: Akasekho emhlabeni uSphuzo sabantwana
Lezi ndaba seziqinisekiswe imenenja yalo mculi uSakhile Cele. "Ubanjwe isifo sohlangothi khona namuhla waphuthunyiswa emtholampilo kwafike kwamenela khona. Silimele kakhulu ngalokhu ngoba besisabheke lukhulu," Kusho uCele.
Enye yezinduna eziphambili zalo mculi uVusi "Macala" Siyaya uthe lezi ndaba sebezidlulisele nakubalandeli abanegroup kawhatsap bonke bashaqekile. "Kade nje ngixoxa naye izolo sihleka kumnandi Kanti ukufa sokuzomzuma," kubalisa uMacala.
READ: iyashuba ekaNgizwe noThinah Zungu
Lo mculi usanda kwakhelwa indlu enhle ngosizo lweminikelo eyagqugquzelwa uSomlomo wesiShayamthetho saseKZN uNontembeko Boyce.