Sekugcine kumehlule uGoodwill Zwelithini oyinkosi yesizwe samaZulu. Ngokombiko odluliswe uPrince Mangosuthu Buthelezi, isilo sidlule emhlabeni sineminyaka engama-72.
"Ngishaqekile nami ngizwa ukuthi isilo sabamandla kugcine kusehlule esibhedlela la ebesinakekelwe khona ngenxa yokwenyuka kukashukela waso. Kuthathe kwamxina kakhulu namuhla ekuseni ngomhlaka 12 March 2021."
"Kubuhlungu kunjalo ngithanda ukubonga bonke abebembeka emkhulekweni kusukela angeniswa esibhedlela. Okuningi kuzolandela uma kuphakama ilanga." Kubeka uButhelezi.