Goto News >
Search..

Goto News
Shwi noMntekhala babanjwa ngophondo

Ngabe kade wawunqamula unyaka uMaskandi. Ngokusho kukaTshatha Ngobe ezinkundleni zokuxhumana, leli qembu lomculo wesintu elamangaza abaningi kudlalwa ingoma yalo umhlaba wonke eyayithi ngafa, ngafelubala, kwakumele liwunqamule unyaka eladuma ngawo kakhulu.


Sekumdonsele amanzi ngomsele lokho uTshatha njengoba Ukhozi selugcine luthatha isinqumo sokummisa emsakazweni kuze kube luthola isisombululo ngale nkinga. Lubike ukuthi bekungamele akhulume izindaba ezenzeka ngaphakathi noma ngabe zenzeka ngamiphi iminyaka ngoba lokho kungukuphula umthetho.


READ: Akaxoshwanga umisiwe uTshatha


"Empeleni kwaba uShwi noMntekhala abadla ubhedu Okhozini FM ngonyaka ka-2005". Kubeka uTshatha umfoka Ngobe. "Uhlelo lokuhlukanisa unyaka lwalubanjwe imina noLinda Mr Magic Sibiya ngalobo busuku bomhlaka 31 December 2005." Kubeka uNgobe.

"Kwaba nesizathu esinqala esaphoqelela ukuthi kugcine kube iMalaika ehlukanisayo, oShwi balala isibili. Kahle kahle kwabethusa abaphathi boKhozi ababephethe ngalesiya sikhathi ukuthi umculo kaMaskandi ugile izimanga ezagilwa uShwi noMntekhala ngaleya ndlela. Ngaleyo ndlela ke okwaze kwabalula ukuthi kuvunyelwe uMaskandi uhlukanise ekubeni ungakaze uhlukanise phambilini."


"Kwaphinde kwaba novalo lokuthi bazokwemukela yini abantu ukuthi uMaskandi wehlukanise unyaka ngoba wawusabukelwa phansi kakhulu ngaleso sikhathi. So kwaba abaphathi bangaleso sikhathi abathi akube iMalaika enqamulayo nakuba izwe lonke lalilindele ukuthi kunqamule uShwi noMntekhala."

"Sakhala ngaphansi kanjalo ke singamaBhinca. Okuhle ukuthi kwachazwa nasemoyeni ukuthi kungani kwezniwe ngaleya ndlela. Yingakho sayidlala kabili ekaShwi, sayidlala ngaphambili nangemumva kweMalaika ngoba vele iyona eyanqamula unyaka."


"Uzokhumbula ke ukuthi kwakungavotwa ngaleso sikhathi. Ukuvota kuqale ngo-2009. Ukube kwakuvotwa babezonqamula ngegeba elikhulu oShwi noMntekhala ngoba vele babebhekwe izwe lonke ukuthi bazonqamula." Kuphetha uTshatha.