Kubukeka sengathi ufishi ubol'ekhanda, kanti nendaba ingaphathi kwazisholo amakholwa, izeke singekho esontweni kodwa siphakathi naphakathi emculweni weSinto futhi eqenjini elikhulu kakhulu endimeni kaMaskandi elibizwa ngokuthi uShwi noMtekhala. Zibukeka zinkulu kakhulu izinkinga kuleliqembu futhi zindala aziqali manje ngoba sekuke kwabakhona nengoma esike yabangwa eqenjini ngemumva kwecwecwe lazo lezinsizwa eladuma umhlaba wonke ngo 2004. Lengoma, uma echaza uManyathi ongumenenja yaleliqembu uthi lengoma yayibhebhethekisa udlame ngaphakathi eqenjini ngoba yayibhalwe ngento eseke yabangwa ibangwa uShwi noMtekhala. Lengoma yayithi, "Yini wena uhlale ufonela umkami umutshela ukuthi ngyajola? Yini wena ube nenamba yomkami kodwa mina ngibe ngingenayo eyomkakho?", kanti umbhali wayo kwakunguShwi. Lengomake yayikhuluma ngento eyenza ukuthi uShwi noMtekhala baxabane njengoba bake baxabana uShwi waze wakhipha uKhelina ehamba noMthwal'usobhokwini uMfokaDludla ongumgogodla waleliqembu likaShwi noMtekhala.
Lengxabano yamanjeke yona ayikho ngezindaba zomjolo kanye nabafazi kodwa ingemali uMtekhala asola ukuthi idliwa uBongani Manyathi okuyiMenenja kaShwi noMtekhala esuka kude kakhulu nabo. UMtekhala lendaba uyifunzwa yindoda abayibiza ngokuthi uFisoh edabuka endaweni yaseNewcatle nesolwa ngokuthi igaqele ukuba ithathe lesikhundla sikaManyathi sokuba iMenenja yeqembu ngoba uqekeko olukhulu luvezwe ukuthi uShwi ashaye ngonyawo phansi athi yena angeke ahlukane noManyathi ngoba wamutakula isimo sakhe sisibi kakhulu empilweni yakhe nasendimeni yomculo wabo, kanti noMtekhala naye ushaya ngonyawo phansi uthi lingamane lichitheke kubekanye leliqembu elibizwa ngoShwi noMtekhala ukunokuthi yena asebenzele emumva njengenkukhu. Uphethe ngokuthi uShwi, yena ubephila engekho uMtekhala, waphila ekhona, futhi usazophila noma esengekho...