Le nsizwa edume kakhulu ngelika Tekisi, abaningi bayazi kakhulu njengensizwa egidela uKhuzani, ithathe isinqumo sokujoyina imbangi enkulu kaKhuzani Igcokama elisha. Ngokusho kweGcokama uthe inhloso yakhe ukuthenga noThibela kodwa iBlack card yavele yathi declined.
Lowo owabe engumsakazi omkhulu Okhozini FM uNgizwe Mchunu uthe sihle kakhulu isinqumo esithathwe uTekisi. "Uyabona nje manje nezimpahla akazigqokayo ziyamfanela ziyahlala emzimbeni kubonakale ukuthi insizwa leya." Kubeka uNgizwe.
Uqhube wathi uyafisa ukuthi kungene kugxile nakwabanye abaculi nabalandeli imbala ukuthi ingezo iseMdletsheni. Wagxeka izikibha ezigqokwa kwaGuqa wathi zinamathela sengathi iloplastic osetshenziswa obhuti nosisis uma bezijabulisa emalawini.
"Kodwa mkhaya nawe uzibonele ukuthi akekho umuntu obengajiki naye uTekisi ngoba ubegqoke kahle emuhle. Angazi mkhaya ukuthi ubalekelani. Awucabange nje ugodo neDobbs kuThibela ukuthi kungahlala kahle kanjani. Engatrenda kuwona wonke amasocial network athole negama elihle emculweni." Kusho uNgizwe.
"Vuma mkhaya wami ukuthi awuphiwe neze ukugqoka ndoda. Wena nje waphiwa ukuba unogwaja nje usikhombe ngemumva ngoba cha lo shuni wengezo usukwehlule. Uma ufuna amanzi uzowathola eMdletsheni awekho kwenye indawo."